BUKA: Ibandla lisebenzisa ubhiya ukukhipha amadimoni

2017-04-27 14:06

Congo - Ibandla iLouzolo Amour laseCongo seliphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwezithombe zabazalwane bephuza ubhiya bephakathi enkonzweni.

Leli sonto kuthiwa linabazalwane abangaphezu kuka-5 000.

Abazalwane uma bechaza ngalesi senzo, bathi uma uxuba ubhiya nokholo, lelo kuba “yikhambi” elinamandla lokuxosha amadimoni.

Kuthiwa abazalwane bakuleli bandla abakalelwa obhiya okumele babaphuze, uma nje usehla emphinjeni – inkinga ayikho.

Umbiko uqhuba ngokuthi inkonzo yaleli bandla ingadonsa ngisho amahora angu-9 kuphulukiswa abagulayo nabahlaselwe amadimoni, ngobhiya nangendumiso.

Leli bandla lasungulwa ngu-Emile Loufoua Cetikouabo, ongasekho emhlabeni.

Kule video kuvela abazalwane beminya ubhiya, abanye beshaya izandla bedumisa abanye bedansa kuze kushunqe uthuli.

Buka nansi i-video:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...