BUKA: Bangu-8 okusatshelwa ukuthi bashonile ezikhukhuleni

2017-07-11 12:30

Abuja – Kunokwesabela ukuthi kushone okungenani amalungu ayisishiyagalombili omndeni owodwa edolobheni iSuleka, eNigeria, kulandela ukuhlaselwa kwezikhukhula ngempelasonto.

Ngokusho kombiko wePremium Times, amalungu angu-8 omndeni ashonile kulezi zikhukhula.

Lo mbiko uthe inhloko yaleli khaya isindile kulesi sigameko kepha amakhosikazi ayo amabili nezingane eziyisithupha ababanga nayo leyo nhlanhla.

Kuthiwa baningi abantu abahlulekile ukuvimbela amanzi ukuze angangeni emizini yabo.

Umbiko weBBC uqhuba ngokuthi baningi abanye abantu okuqinisekiswe ukuthi basadukile.

Izimvula ezinamandla zidale ukubhidlika kwamabhilidi, abebehlala kuwo bavaleleka ngaphakathi.

Ezinye izakhamuzi zigugulwe amanzi zizama ukubaleka emakhaya azo kulandela ukuthi kungene amanzi.

Le nhlekelele yaseSuleja iza ngemuva kokuthi imvula idale umonakalo omkhulu eLagos ngemuva kokuthi iyidlive isonto lonke.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...