BUKA: Bakhala ezimathonsi abadayisi umlilo ungqongqisa imakethe enkulukazi

2017-07-04 16:01

Lusaka – Imakethe enkulukazi eZambia kubikwa ukuthi ishe yangqongqa enhlokodolobha yakuleliya lizwe, iLusaka, “kwacekeleka phansi indlela yokuziphilisa yenqwaba yabadayisi”.

Ngokombiko weBBC, iCity Market ibilokhu isha ubuhanguhangu kusukela ngezikhathi zasekuseni ngoLwesibili.

Amaphoyisa asaphenya imbangela yalo mlilo, noshiye abanye babantu abangabadayisi bekhala mi izinyembezi, njengoba belahlekelwe yinqwaba yezimpahla zabo, ngokusho kwalo mbiko.

OLUNYE UDABA: Kushone isalukazi kuqubuka umlilo ekhaya labadala

“Sengizowondla kanjani umndeni wami manje ngoba lokhu ukuphela kwenginakho ukuze ngiphile?” omunye wabadayisi, uLoveness Banda, ucashunwe esho kanjalo, njengoba ebebukela ebuqamama kusha le makethe.

Ama-video kanye nezithombe ezinkundleni zokuxhumana kukhombisa ukuthi lo mlilo obusha ubuhanguhangu uyingqongqise kanjani le makethe.

Zibonele ama-video alesi sigameko ngezansi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...