'Bazothola odilikajele abangathathi isithembu'

2016-01-27 12:32

Asmara – Uhulumeni wase-Eritrea kubikwa ukuthi useyalele amadoda akuleliya lizwe ukuba athathe isithembu, uma kungenjalo ajeziswe impilo yawo yonke.

Ngokwemibiko, izishoshovu zifake ku-internet isitatimende esikhishwe uhulumeni wase-Eritrea ethi amadoda awathathe okungenani amakhosikazi amabili ngenxa yokuthi amadoda ayashoda ezweni njengoba iningi lawo ashona ngesikhathi kuliwa nezwe lase- Ethiopia.

IPunch ibike ukuthi isitatimende esikhishwe uMnyango wezeNkolo kuleliya lizwe besibhalwe ngolimi kwesi-Arabic.

Funda nalolu daba: Ulandele owayeyisoka ozilengisile

Kuthiwa ngokwesitatimende sikahulumeni, nabesifazane abangafuni abayeni babo bathathe isithembu kumele bajeziswe ngokuthi bagwetshwe udilikajele.

Alinganiselwa kwangu-150 000 amasosha ase-Eritrea abulawa ngesikhathi kuliwa nezwe-Ethiopia phakathi kuka-1998 no-2000.

Izwe lase-Eritrea lalinabantu abalinganiselwa kwabangu-4 million ngaleso sikhathi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...