'Bazongena enkingeni abangaziphathi kahle ezinkundleni zokuxhumana'

2017-10-11 13:59

Harare - Lowo okhulumela uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, uthe umengameli uzosungula uMnyango omusha kahulumeni ozobhekana ngqo nokukhalima labo abangaziphethe kahle ezinkundleni zokuxhumana.

"Ngifuna ukudlulisa lo myalezo oqhamuka kumengameli. Uthe uMnyango weCyber Security uzosisiza ukuthi sibambe labo abasebenzisa i-internet ukuqhuba ukuganga nokungaziphathi kahle," kusho uGeorge Charamba etshela izintatheli ngoLwesibili.

Uthe lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPatrick Chinamasa, ongummeli, useqokelwe kulo Mnyango omusha ngoba lo Mnyango uyadinga "ukuthuthukiswa komthetho".

UCharamba uthe uMugabe ufuna ukuthi ungqongqoshe asike iphethini kulabo abadlelana nabo abasempumalanga.

OLUNYE UDABA: #SocialMediaBlackout: Abantu baseMzansi basabisa ngokuduba izinkundla zokuxhumana

"UMugabe wenze isibonelo ngeRussia, iChina kanye neKorea njengamanye amazwe enza kahle ekuqinisekiseni ukuthi kugcinwa umthetho emazweni akhona," kusho uCharamba, ecashunwa yiphephandaba elingaphansi koMbuso, iChronicle

Izinkundla zokuxhumana zibukeka ziyiyona ndawo lapho abantu bekhuluma ngokukhululeka ekugxekeni uhulumeni kaMugabe.

Kepha ngenyanga eyedlule, uChinamasa kanye nezinye izikhulu eziphezulu bathi izindaba ezingamampunge ezazizungeza ezinkundleni zokuxhumana yizo ezadala itwetwe kubantu kulandela ukuvela kokuthi kushoda izidingongqangi ezweni.

Nokho, iMedia Institute of Southern Africa (MISA) ixwayise ngokuthi umnyakazo wokugada abantu ezinkundleni zokuxhumana uyaphambana nelungelo labo lokuzwakalisa izimvo zabo ngokukhululeka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uboshiwe umalugaju wacelemba

2017-10-07 14:31
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...