Bazogwetshwa abamba ithuna loyi-albino befuna ukwenza umuthi

2017-11-02 12:30

Blantyre – Inkantolo yaseMalawi ithole abasolwa abathathu banecala lokumba isidumbu sentombazane, 16, ethuneni ngoba befuna ukwenza umuthi.

Ngokubika kwephephandaba iNyasa Times, uThomas Ndini, 36, u-Enock Banda, 26, noJonas Ogara, 32, balahlwe yicala lokumba ngokungemthetho isidumbu sikaChosadziwa Kaunda, owayeyisiphiwo.

IMantshi uViva Nyimba izwe ukuthi phakathi kuka-Ephreli noMeyi kulo nyaka, laba basolwa bamba isidumbu sikaChosadziwa owashona ngo-2016.

Amathambo akhe awakatholakali namanje kodwa kutholakale ukuthi sekuwumkhuba odlangile ukumbiwa kwamathuna abantu abangama-albino kuleliya lizwe.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe isihlobo sizama ukudayisa umfana oyi-albino

Ekuqaleni kwalo nyaka amaphoyisa aseLilongwe abopha owesilisa etholakala namathambo omuntu onebala elimhlophe.

Ngesikhathi kwenziwa uphenyo, kwatholakala ukuthi la mathambo angakaSpiriano Felix, owashona ngo-Ephreli 2016.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-28°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 18-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...