Bathweswe icala abafanise uMengameli nenja

2017-11-04 13:11

Harare - Abesilisa ababili bathweswe icala lokudelela uMengameli Robert Mugabe, 93, ngemuva kwezonsolo ezithi bamfanise nenja.

Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, abesilisa ababili, u-Allan Chinewaita, 40, noCasper Tambara, 39, baseNyanga bathweswe icala kuleli sonto ngokudelela umengameli ngaphansi kwesigaba 33(2)(a) se-Criminal Law Codefication and Reform Act (Code).

OLUNYE UDABA: Owesifazane ubabele enkantolo efuna kuphele ukulobola

UChinewaita kuthiwa uthe ngeke ayivotele iZanu-PF futhi uMengameli Mugabe ufana nenja. Ebekhuluma ngesiShona.

UTambara naye ubhekene necala elifanayo.

Umbiko weNewsDay uthi uhulumeni kaMugabe uyaqhubeka nokuqinisa isandla evala labo abakhuluma ngokukhululeka ngaphambi kokhetho lwango-2018.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...