Baningi abafake izicelo zomsebenzi wokukhunga abantu

2017-10-18 18:01

Harare – Babalelwa ngaphezu kuka-50 abantu, okubalwa nabesifazane, abafake iscelo sokuthola umsebenzi wokuba nguHangman eZimbabwe, kusho umbiko wangoLwesibili.

Sekuphele iminyaka eyevile kweyishumi athatha umhlalaphansi umuntu okwakunguyena owayekhunga abantu abagwetshwe esentambo eZimbabwe.

Kanti kuze kube yimanje akekho umuntu "ozimisele" ngokuthatha lo msebenzi ezithi izakhamuzi "wehlisa isithunzi".

OLUNYE UDABA: Namanje akakatholakali uHangman eZimbabwe

Leli lizwe selikuthole kunzima ukugcwalisa lesi sikhala kusukela ngo-2005, osekuholele ekutheni iziboshwa ezilindele ukulengiswa ziphikise isigwebo sentambo.

"Abantu manje sebetshengisa ukuwulangazelela lo msebenzi," kusho isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezobuLungiswa, etshela iNewsDay

"Sithole izicelo eziningi eziqhamuka kubantu besilisa nabesifazane abafuna lo msebenzi ka-hangman. Zingu-50 izicelo esizitholile kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule,” esho etshela leli phephandaba.

IZimbabwe ngo-2013 yashintsha uMthethosisekelo othi abantu besifazane, abesilisa abangaphansi kweminyaka engu-21 nabangaphezu kwengu-70 ubudala abenza amacala bekuleyo minyaka, akumele bagwetshwe isigwebo sentambo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...