Bangu-17 abashone bezama ukungena ngenkani enkundleni yezemidlalo

2017-02-11 13:31

Angola - Bangu-17 abalandeli bebhola abashonile behluleka ukungena enkundleni yezemidlalo, kubika i-eNCA.

Amaphoyisa athi inqwaba yabalandeli bebhola bebefuna ukungena ngenkani enkundleni ebigcwele iphuphuma.

Balinganiselwa ku-17 abathandi bebhola abashonile kwalimala inqwaba ezinkundleni zemidlalo ngoLwesihlanu e-Angola.

OLUNYE UDABA:Kushone 6 kweyenzeke eThekwini ngezintatha

Ngokusho kwamaphoyisa kusuke uthuthuva kubalandeli bebhola ngesikhathi kudlala iSanta Rita de Cassia ne-Recreativo de Libolo edolobheni lase-Uige.

‘’Bebebaningi kakhulu abathandi bebhola abebefuna ukungena ezinkundleni, bangu-17 abantu abalimele kanti babalelwa ku-59. Iningi labantu abashonile bebenyathelwa kanti abanye babulawe wukuphelelwa wumoya bengakwazi ukuphefumula.”

Abazibonele ngawabo bathi abalandeli abaningi bebengenawo amathikithi okungena enkundleni kodwa bebefuna ukungena ngenkani nokuyilapho kuqale khona esokugxobana.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...