Bangu-13 abantu abashonile engozini ehlanganisa izimoto eziningi

2017-12-13 14:00

Nairobi - Amaphoyisa aseKenya athi kushone abantu abangu-13 engozini ebandakanya inqwaba yezimoto eyenzeke emgwaqeni omkhulu ngaphandle kwenhlokodolobha iNairobi.

Ukhomishana wamaphoyisa aseNakuru, uHassan Barua, uthi iloli ebelihamba ngesivinini esiphezulu lingqubuzane neloli ngaphambi kokuba lishayise amaveni amabili kanye nezinye izimoto kuNakuru-Eldoret highway endaweni ebizwa ngeSachangwan.

Uthi baningi kakhulu abanye abantu abangeniswe ezibhedlela.

OLUNYE UDABA: I-IMF ithi izimisele ngokusiza iZimbabwe

Izinga lezingozi emadolobheni akuleliya lizwe livame ukwenyuka kakhulu ngesikhathi samaholidi, nokuthiwa kudalwa ngabantu abashayela bedakiwe, nesivinini esiphezulu.

NgoMgqibelo, bangu-30 abantu abashonile ezingozini ezimbili eKenya.

UMengameli Uhuru Kenyatta enkulumeni yakhe ngoLwesibili unxuse abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...