Bakhala ngokuhlolwa izinqa abasolwa ngobutabane

2016-05-04 12:35

Nairobi – Amadoda amabili aseKenya ababele enkantolo ngoba efuna ikhiphe isinqumo esithi kuphambene noMthethosisekelo ukuhlolwa izinqa ngoba esolwa ngobutabane.

Izishoshovu zamalungelo abantu zikugxekile ukuhlolwa izinqa kwamadoda asolwa ngokuzibandakanya ocansini namanye, bethi lokhu kuwubulwane, kusho ummeli wala madoda ngoLwesibili.

Bathi lokhu kungubulwane futhi kuyahlambalaza, kusho iHuman Rights Watch.

OLUNYE UDABA: Uzobabela enkantolo obelashelwa ubutabane

IKenya, njengamanye amazwe amaningi e-Afrika, yakwenza kwaba yicala elibomvu ubutabane.

Umthetho uthi uma ulahlwa yicala lobutabane, kumele ubhadle ejele.

Emaphepheni afakwa enkantolo ngonyaka odlule, la madoda amabili athi aphoqwa ukuba ahlolwe izinqa ngoba esolwa ngobutabane.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...