Bafuna kuphenywe ngeziqu ezathweswa unkosikazi kalowo owayengumengameli

2018-01-06 12:40

Harare - Othisha base-University of Zimbabwe sebefake isicelo sokuba kuphenywe ngendlela lowo ongunkosikazi kaRobert Mugabe, uGrace Mugabe, athola ngayo iziqu zakhe zobudokotela eminyakeni emine eyedlule.

Lezi zifundiswa zithi zashaqeka ngesikhathi uGrace Mugabe kuvela ukuthi ungomunye walabo abazothweswa iziqu ngo-2014.

OLUNYE UDABA: Kudlule abantu abangu-33 nezikhukhula

Bathi babengazaze bambone noma bezwe ukuthi uGrace uyafunda nokuthi waphasa yini, kubika iZimbabwe Independent.

Baphinde bathi bakholelwa ukuthi akazange alandele imigulu efanele ngaphambi kokuthweswa kweziqu njengabanye abantu, nokwenza lokhu kusolise.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...