Babili abazoba ngamaSekela kaMengameli wezwe laseZimbabwe

2017-12-27 19:30

eHarare - Iqembu elibusayo ezweni laseZimbabwe iZanu-PF ihlongoze eyokuthi iyameseka uMengameli u-Emmerson Mnangagwa ngesinqumo sakhe sokuqoka lowo owayeyisikhulu samasosha uConstantino Chiwenga kanye ngoNgqongqoshe wombutho wesizwe, wukuVikileka koMbuso uKembo Mohadi njengemaSekela lakhe.

Ngokubika kwephephandaba lombuso iHerald leli qembu lithi kaba bobabili beza nolwazi oluningi noludingekayo kuleli qembu kanye nasezweni lonkana.

OLUNYE UDABA: UMengameli waseZimbabwe uvakashele kuleli ukuzohlangana nabatshali-zimali

UMnangagwa uphakamise igama lalesi sikhulu nokuyisona esasihola amavikelambuso aketula umbuso kaRobert Mugabe.

Ekuqaleni kwale nyanga, laba bobabili banikezwa izikhundla zokuba ngoNgqongqoshe, kanti iZanu-PF ithi lokhu kuhambisana nemigomo yayo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...