Avelile amadoda awu-32 asolwa ngokubulala 'abathakathi' abahlanu

2017-08-22 18:02

Nairobi - Amadoda angu-32 asolwa ngokokhela ngomlilo abesifazane abahlanu bephila bebasola ngokuba ngabathakathi, avelile enkantolo eTanzania izolo (ngoMsombuluko), kusho iziphathimandla.

La madoda, aneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-75 ubudala, kubalwa namaphoyisa endaweni esesifundeni i-Uchama, okuyindawo engamakhilomitha angu-50 naseningizimu-mpumalanga yaseMount Kilimanjaro.

Kulindeleke ukuba leli cala liqale ukuqulwa ngomhlaka-4 Agasti, kusho iziphathimandla zenkantolo eNzega.

OLUNYE UDABA:Isalukazi sitholwe nezinyoka ebezizitika ngocansi namadoda nabesifazane

"Namuhla abashushisi bathe la madoda angu-32 abandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwabantu besifazane abahlanu ngokubashaya ngaphambi kokubashisa baze bashona ngomhlaka-27 Julayi," kusho umthombo utshela i-AFP.

Abanye abasolwa balivumile icala kwathi abanye baliphika ngesikhathi bevele enkantolo ngoMsombuluko.

Kujwayelekile eTanzania ukuthi babulawe abantu abasolwa ngokuthakatha.

 - AFP

 - eNCA

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...