Athi awayi ndawo amanesi axoshelwe ukuteleka

2018-04-19 11:05

Harare – Amanesi atelekile eZimbabwe, naxoshwe yiPhini likaMengameli uConstantino Shiwenga ngoLwesibili, ashaya phansi ngonyawo, athi awayi ndawo.

IZimbabwe Nurses’ Association (Zina), esitatimendeni esibhalele amalungu ayo angu-15 000, ithi yinto ekhulunywa emoyeni nje eyokuxoshwa kwabo, ngoba phela umqashi, iHealth Services Board, usenezinkontileka nabo.

Bathi abajiki kulokho abakutshele uhulumeni.

“Ngaleyo ndlela sazisa amanesi ukuthi akukho okusashintshile okwamanje mayelana nesiteleka esiqhubekayo,” kusho iZina.

OLUNYE UDABA: Kuxoshwe othisha abangu-71 ngokulala nabafundi

Amanesi ayakuphika ukuthi ukuthi uhulumeni uwanikezile abakufunayo.

Bathi imali engu-US$17,144,446 okuthiwa ifakwe nguhulumeni ukubhekana nezikhalazo zabo yinto engekho, le mali okukhulunywa ngayo yafakwa ngo-2010.

Amanesi angenele isiteleka ngoMsombuluko, ekhala ngezimo asebenzela ngaphansi kwazo, nangamaholo angcono.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...