Asenkingeni amantombazane asolwa ngokwephula umthetho omelene nobutabane

2018-02-01 07:02

Lusaka  - Amaphoyisa aseZambia aphume inqina athungatha abesifazane ababili abasolwa ngokwephula umthetho wakuleliya lizwe omelene nabathandana nabobulili obufanayo.

Lokhu kulandela ukusabalala kwezithombe zabo ezibatshengisa "besondelene" ezinkundleni zokuxhumana, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Lezi zithombe zitshengisa laba besifazane bezipholele endaweni yokucima ukoma omunye wabo eqamele esifubeni somunye.

UMengameli Edgar Lungu, owaphinde waqokelwa esikhundleni ngo-2016, ulokhu ezwakalise njalo ukumelana namalungelo abantu abathndana nabobulili obufanayo yize ethola ingcindezi emazweni angabaxhasi ukuba ahoxise imithetho emelene nobutabane.

OLUNYE UDABA: Badedelwe ngebheyili abakuleli ababoshwe eTanzania 'ngokugqugquzela ubutabane'

"Siyaphenya kulandela ukuputshuka kwalezi zithombe zala mantombazane amabili ezizungeza ezinkundleni zokuxhumana," kusho okhulumela amaphoyisa u-Esther Katongo.

Abantu abathandana bengabubulili obufanayo bajeziswa ngeminyaka engafinyelela kwengu-14 bebhadla ejele.

ULungu wadalula ukuthi izwe alihambisani nobutabane ngemuva kokuboshwa kwamadoda amabili ngo-2013.

"Labo abalwela amalungelo ezitabane kumele bayosha esihogweni," washo kanje ngaleso sikhathi. "Le nto asiyazi thina kuleli lizwe."

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...