Isebenza kahle imishanguzo yamadoda enqanda ukukhulelisa

2016-10-31 10:01

Johannesburg - Imishanguzo yabesilisa yokunqanda ukukhulelisa iyasebenza kodwa abacwaningi badinga ukwehlisa imithelela emibi ehambisana nayo.

Lokhu kulandela ucwaningo olwenziwe abe-World Health Organization eGeneva eSwitzerland lapho bekuhlolwa khona ukuphepha kanye nokusebenza kwemijovo yabesilisa.

Lokhu kwenziwe kubesilisa abangu-320 abaseminyakeni ephakathi kuka-18 no-45 ubudala, kubika iSowetan.

Bonke abahloliwe bebengabantu abasothandweni nabesimame abaseminyakeni ephakathi kuka-18 no-38.

Funda:Kume ukusebenza kuphela imishanguzo esibhedlela

Kuthiwa siyancipha isibalo sesidoda uma ujovwe ngomjovo ongu-200mg  we-Progestogen ebizwa ngokuthi yi-norethisterone enanthate (NET-EN) kanye no-100mg we-androgen ebizwa nge-testosterone undecanoate (TU).

La madoda athole lemijovo emibili njalo ngemuva kwamasonto engu-8 isikhathi esingamasonto angu-26.

Imiphumela ibonise ukuthi lolu cwaningo  lusebenzile ekwehliseni isibalo sesidoda ngamasonto angu-24 kubesilisa abangu-274 ababambe iqhaza kulokhu.

Lokhu kubonisa ukuthi lolu hlelo lusebenzile kubantu abangu-96% abaqhubeke nalo. Bangu-20 abesilisa abalushiye phakathi loluhlelo ngenxa yemiphumela yemijovo engemihle kahle, kanti kubalwe ukuthi kukhulelwe abantu abane kuphela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...