Amaphoyisa atalabhe onqabe ukukhipha intshontsho

2016-03-10 08:31

Harare - Umshayeli wetekisi uthi wabhaxwa ngamaphoyisa amathathu kwisivimbamgwaqo kuChivhu Murambinda Road ngeSonto eledlule, wangeniswa esibhedlea iChivhu.

IMasvingo Mirror ibike ukuthi udokotela u-Alice Kanyemba wasesibhedlela uqinisekise umbiko wathi wayenesiguli esasishaywe kanzima ngamaphoyisa.

UMunyaradzi Burawa, 37, waseNew Gope washaywa ngamaphoyisa, uZowa, uMangwana noMunyuki. La maphoyisa amsola ngokuthumba elinye iphoyisa.

OLUNYE UDABA: Ayavela amaphoyisa amukela intshontsho enkantolo

Owamaphoyisa aseChivhu uLameck Mutetwa uqinisekise ukuthi wabikelwa ngendoda eshaywe ngamaphoyisa.

UBurawa uthe wayeshayela itekisis elibangise eNharira eyokwehlisa abagibeli esontweni ngesikhathi emiswa ngamaphyisa ayevimbe umgwaqo ngale kwebhulohwe iZibagwe. UBurawa nomsizi wakhe bama.

"La maphoyisa abe esefuna imadlana ukuze ezosidedela sihambe kodwa ngawatshela ukuthi nginemali elinganiselwe kwengu-R76,01. Salokhu sikhuluma aze athi angehlise abantu etekisini, bacela izikhiye zetekisi angitshela ukuthi aseyayibopha itekisi, ngawanika ukhiye," kusho uBurawa.

Elinye la lamaphoyisa lazama ukuyidumisa imoto kodwa lahluleka. Leli phoyisa labe selimungenela ngesibhakela lathi akangene emotweni, kusho umsizi womshayeli.

UBurawa wahanjiswa esiteshini samaphoyisa lapho iphoyisa eliphezulu lathi akahanjiswe esibhedlela.

Ngesikhathi esephuma esibhedlela uBurawa uthe wafakwa ozankosi kodwa wabe esededelwa ngemuva kwesikhashana. 

UBurawa akazi noma amaphoyisa asazomthwesa icala yini, kubika iMy Zimbabwe.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...