Amaphoyisa aseqinise ezokuphepha ukuvikela amadoda anempandla

2017-07-04 14:00

Maputo – Amaphoyisa asesifundazweni iZambezia, eMozambique, aqinise ezokuphepha njengengxenye yomkhankaso wawo wokulwa nokubulawa kwamadoda anempandla.

Ngokubika kweBBC, uMiguiel Caestano okhulumela amaphoyisa aseZambezia uthe inhloso yabo wukubamba la bantu okuyibona abathenga ababulali.

“Izigebengu ezinkulu ngabantu abasuka kwamanye amazwe njengaseMalawi, Tanzania naseGreat Lakes," kusho uCaestano.

OLUNYE UDABA:Zibingelelwe ngenhlamvu izinkabi ziyohlasela eMsinga

Imibiko mayelana nokubulawa kwamadoda anempandla yaqala ukuvela ngenyanga kaJuni ngesikhathi kubulawa amadoda amabili aseminyakeni engaphezu kuka-40 endaweni yaseMilange, endaweni engamakhilomitha ambalwa kusukela emngceleni wezwe neMalawi.

Kula madoda abulawa, eyodwa yawo yatholakala inqunywe ikhanda kanye nezicubu zomzimba. Laba babulewa endaweni edume kakhulu ngokubulawa kwabantu abanebala elimhlophe (albino).

Ngokwemibiko evelayo, izicubu zabantu zisetshenziswa yizinyanga ukuze zigaye umuthi wamakhasimende afuna ingcebo endaweni yaseTanzania naseMalawi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...