Amaphoyisa 'ahleka' owayeyobika elokushaywa wunkosikazi

2017-04-24 18:06

Bulawayo - Isimanga owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala waseMsengezi esolwa ngokuthela ngesibhaxu umyeni wakhe oneminyaka engu-26 ubudala ngemuva kokuba ethole ucingo.

Izinsolo zithi uWilma Mukohiwa, 23, washaya umyeni wakhe kabi, emkhanda ngesitini, iphini lokubonda ukudla nangezibhakela.

Umyeni walo wesifazane uJustin Muzuzuku, 26, wabika isigameko esiteshini samaphoyisa aseMvurwi.

OLUNYE UDABA:Ligwetshiwe isela elabhajwa kushemula liyokweba

Kuthiwa lo wesilisa waya esiteshini samaphoyisa evuvukele esihlathini kulandela ukushaywa.

Kuzwakale ukuthi amaphoyisa avele amukha ngensini ngaphambi kokuzwa ukuthi ukhala ngani, ethi "ngempela indoda ingashaywa kanjani unkosikazi wayo?"

Umthombo utshele iBulawayo24 ukuthi "uMukohiwa washaya umyeni wakhe ngemuva kokuphendula ucingo ayelushayelwe wumshana wakhe, kwase kusuka uthuli lwezichwe."

UMukohiwa uthweswe icala lokushaya ngaphansi komthetho iDomestic Violence Act.

Umsolwa kulindeke ukuba avele ngomhlaka-25 Ephreli 2017 (kusasa) eNkantolo yeMantsi yaseGuruve.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-30°C Mostly sunny. Warm. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...