Amalungu omndeni 'abulale' ubaba emsola ngokuthakatha

2017-09-16 14:09

Johannesburg - Indoda eneminyaka engu-62 ubudala kuthiwa iklinywe yabulawa ngamalungu amahlanu omndeni wakhe ngoLwesine.

Le ndoda kubikwa ukuthi phakathi kwabantu abayibulele kubalwa indodana yayo, indodakazi kanye nomzukulu.

Ngokombiko weDaily Monitor, abasolwa ababoshiwe bathi babulale uPatrick Siunwa Nyabiri waseNamisindwa District, empumalanga ye-Uganda ngoba ethakatha.

Okhulumela amaphoyisa uSuwedi Manshur ucashunwe ethi: “Sesiqalise uphenyo ngalolu daba. Uphenyo lwesikhashana luveza ukuthi umufi uklinywe wabulawa ngoba esolwa ngokuthakatha.

OLUNYE UDABA: Uphuthunyiswe esibhedlela saseGoli umholi weqembu eliphikisayo eZim

“Abanye omakhelwane esikhulume nabo basitshele ukuthi ubulawe kubangwa umhlaba womndeni.”

IDaily Monitor ibika ukuthi kungokwesibili kubulawa umuntu ngale ndlela esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezimbili.

Ngenyanga edlule, izingane ezintathu, zikaPeter Musila,59, kuthiwa zibulale uyise, zalahla isidumbu sakhe emfuleni kubangwa umhlaba womndeni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...