Alukho ushintsho eZimbabwe - Mujuru

2018-01-03 14:01

Harare – Lowo owayeyiphini likamengameli eZimbabwe uJoice Mujuru kubikwa ukuthi uthe alukho ushintsho ezweni, nakuba esephumile esikhundleni uRobert Mugabe.

Ukungenelela kwamasosha - athi afuna abangani baMugabe abanenkohlakalo – kwenzeka ngemuva kwezinsuku uMugabe ekhiphe esikhundleni iphini likamengameli u-Emmerson Mnangagwa, osondelene kakhulu nombutho wamasosha nokwakubonakala ukuthi uyena ozothatha izintambo uma esephumile uMugabe.

Kwakunemibiko ethi unkosikazi kaMugabe uyasifuna lesi sikhundla okwakungesomyeni wakhe.

OLUNYE UDABA: Oshayasibhamu babulale abazalwane abangu-14

Ukungenelela kwamasosha kwalandelwa yimibhikisho yalabo ababefuna aphume esikhundleni uMugabe, nesiphakamiso sokuba akhishwe esikhundleni, ngaphambi kokuba abhalele iPhalamende incwadi yokwesula esikhundleni.

IZanu-PF yabe isiqoka uMnangagwa kwesokuba umengameli.

Kodwa ngokombiko weNew Zimbabwe.com, iNational People Party (NPP) nePeople’s Rainbow Coalition ithi ukuze kubenoshintsho zweni kumele kushintshwe yonke into eyafakwa uMugabe.

UMujuru ucashunwe ethi umkhankaso wenhlangano yakhe, wokufuna uMugabe ukuba ehle esikhundleni, kawukashintshi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...