Akekho umuntu ozongiphoqa ukuba ngiphume esikhundleni - UMengameli

2017-09-29 14:00

Harare – UMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, ngoLwesine ugcizelele ngokuthi usazoqhubeka nokuqhoqhobala lesi sikhundla yize izwe libhekene nengwadla yokushoda kwemali, uphethiloli nodizili.

Ekhuluma emngcwabeni womfelokazi kalowo owayeyiSeleka likaMengameli uJoseph Msika, eHarare, uMugabe uthe "lokhu kushoda kokuzakhela" kwenziwa yizikhulu eziphezulu kuhulumeni wakhe, ezizama ngazo zonke izindlela ukumgudluza kulesi sikhundla.

Lo mholi, 93, ufunge wagomela ukuthi usazoqhubeka nokuphatha izwe.

"Sinabantu abangafaniswa noJudas waseBhayibhelini ngaphakathi kuhulumeni wethu abezikhandela ukushoda okungamanga ngoba befuna ukufezekisa izimfuno zabo zokuthi bangikhiphe esihlalweni," kusho uMugabe ekhuluma ngesiShona.

OLUNYE UDABA: UMugabe ‘usuke engalele emihlanganweni, uvikela amehlo’

"Ngifuna ukubatshela ukuthi ngeke bangiphoqe ukuba ngishenxe ngoba ngimele lokho okufunwa abantu abangikhetha ukuba ngibe kulesi sikhundla, ngakho-ke ngizoqhubeka nokuqhoqhobala isihlalo sokwengamela ngokukhulu ukukhululeka."

Kepha lowo owayenguSihlalo weZanu-PF esifundazweni eMashonaland West, uThemba Mliswa, osezimele manje, utshele iNews24 ukuthi uMugabe kumele angagxili ekutheni angakhishwa esikhundleni, kepha abhekane nezinto avotelwa zona.

UMugabe ebuya kowe-United Nations General Assembly obuseNew York, usole izikhulu ezithile ngokwenza sengathi izwe liyashoda ngemali ngoba zifuna ukudala itwetwe kubantu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...