Akakatholakali oshaye umkakhe wambulala kubangwa imali

2017-02-12 18:30

Accra – Umlimi waseGhana, 28, ubhaxabule kabi unkosikazi wakhe, 20, ngemuva kokuthi owesifazane emfune ngenkani imali yokuthenga izinto zasendlini, kusho umbiko ngoMgqibelo.

Ngokombiko weGhana web, umsolwa kumanje ugcwele amathafa kulandela lesi sigameko.

Umsolwa, okuthiwa igama lakhe nguJoe, ushaye kabi umkakhe obenezinyanga ezimbili ekhulelwe, u-Ama Attaa, kulandela ingxabano emayelana nemali yokwenza izinto zasekhaya.

UJoe, okuthiwa ubesecikekile ukuqophisana nonkosikazi wakhe, ucoshe induku wabhambabula ngayo umkakhe waze waphuma umphefumulo.

Kuthiwa umufi ushiye indodana enonyaka owodwa ubudala.

OLUNYE UDABA: Uvelile oshaye umkakhe ngenxa ye-TV

“Omakhelwane yibo abasibizile ukuba sizolekelela u-Anna, kepha ngesikhathi esifike ngaso esibhedlela ubesevele esebanda.

“Kumanje siphansi phezulu sithungatha umyeni wakhe, kepha akatholakali. Ngicabanga ukuthi akasekho ngisho la emphakathini ngoba esabela ukuboshwa,” kusho ilungu lomndeni elingafunanga ukudalulwa igama.

Kwesinye isigameko ngonyaka owedlule, umlimi, 45, wabulala inkosikazi yakhe kulandela ingxabano, ngokusho kweGhana Live.TV

Umsolwa wabe esezinikela emaphoyiseni kulandela lesi sehlakalo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...