Afuna ukujola amakhosikazi abulawa ngendlala yocansi

2016-03-03 07:55

Harare - Amakhosikazi endoda enesithembu asedalule ukuthi umyeni ushaya udaka embhedeni, ayafa yindlala yocansi.

Lamakhosikazi, ngenxa yendlala yocansi, asefuna umyeni abhale phansi uhlelo abazokwenza ngalo ucansi noma athole amashende.

Umyeni, uMatthew Mhike,48, uyakuphika nokho ukuthi uyehluleka embhedeni kanti usethembise ngokubiza umhlangano namakhosikazi akhe.

UMhike, oyilungu leJohanne Marange Apostolic Church, unamakhosikazi amathathu, u-Espa Chibadu,48, Mavis Nyakuenda,28, noTatenda Zoraunye,26.

Funda nalolu daba: Ugwetshwe engu-200 ngokubulala izingane

Wonke amakhosikazi akhe ayavumelana ngokuthi uMhike ushaya udaka embhedeni nokuyikho oyenze unkosikazi wakhe omncane wabaleka emzini wabo wayojola nendoda eshadile, kubika iMyZimbabwe.

Eziphendulela ngalezi zinsolo, uthe: “Mfowethu angihluleki embhedeni, kodwa ningangisola ngokuthi angimnelise unkosikazi wami osemakhaya ngoba ngihlala ngingekho, ngizoyilungisa lenkinga.”

“Unkosikazi wami wesibili ngiyamsola ngoba uhlale efika nabangani bakhe. Mina ngeke ngalwenza ucansi phambi kwabo.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...