Abazali bayishaye bayibulala indodana edla izidakamizwa

2017-04-08 10:05

Ruvimbo Park - Ushonile umfana oneminyaka engu-18 ubudala obefunda ibanga leshumi eNyameni High School.

Kusolakala ukuthi lo mfana ushaywe waze washona, eshaywa abazali bakhe ngoba besola ukuthi udla izidakamizwa.

Kuthiwa u-Ashley Tanyaradzwa Mukwirimba uquleka ehholo lesikoleni, wafukulwa abangani bakhe bemkhipha esikoleni bafonela umama wakhe.

Ngesikhathi efika lo mama uthole indodana yakhe isaqulekile nokuyilapho ezwe amahlebezi okuthi kunesidakamizwa esithile asidlile nokuyisona esiyenze yashayeka phansi.

Lo mama uqashe itekisi waqala emaphoyiseni lapho abeyozama ukuyibophisa khona kodwa amaphoyisa amtshela ukuthi akayiphuthumise esibhedlela kuqala abuye ngosuku olulandelayo.

Lo mama ube esefonela umyeni wakhe wamtshela ngalokhu okwenzekile.

OLUNYE UDABA: Kushaqwe izidakamizwa ezingabiza u-R78m e-Airport

UJames Mukwirimba kuthiwa ufike kwakhe edinwe egane unwabu, kanti okumcasule kakhulu wukuthi ngesikhathi ebuza indodana yakhe ngalokhu ekwenzekile akazange ayithole impendulo ecacile.

Lo baba kuthiwa ukhe induku esihlahleni wabhaxabula ngayo indodana yakhe izikhawu eziyisikhombisa. Uthe uUma eqeda wayidlulisela kumkakhe naye ongenelele lo mfana ngenduku ezinqeni.

Ngesikhathi sekulalwa, lo mfana uzwakale ekhala ngokuthi uyashiselwa, kodwa ayizange inakwe indaba yakhe.

Ekuseni ngosuku olulandelayo, lo mfana utholwe umama wakhe eseshonile egcekeni.

Amaphoyisa abophe abazali bakhe, kanti kuvele ukuthi balekelela amaphoyisa ngophenyo lwawo.

Amaphoyisa athole ukuthi lo mfana unomlando wokusebenzisa izidakamizwa, kubika iZimbabwe24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...