Abantu bazitike ngocansi lwamahhala kungcwatshwa isigebengu

2017-08-04 11:01

Harare - Bekutholakala ucansi lwamahhala eMbare, eZimbabwe, ngoMsombuluko nangoLwesibili ebusuku ngesikhathi abaqwayizi bezilele ukushona kwesigebengu.

Isigebengu esishonile, okuthiwa sibulawe yisifo sofuba, sichazwe njengomuntu obezithandela ucansi.

Lesi sigebengu, okunguMasiyas Mesiyas, kuthiwa yisona esantshontshela usaziwayo waseJamaica, u-Elephant Man, umakhalekhukhwini ngesikhathi evakashe eZimbabwe eminyakeni edlule.

Izakhamuzi zaseMbare zithi uMesiyas ubalwa nezigebengu ezaziwa kakhulu kuleliya lizwe.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ubhunyele umyeni ngamafutha abilayo

Kulo mngwcabo bekukhona izigebengu, izidakamizwa kanye nabantu abebezibusisa ngocansi. 

Abaqwayizi bathi uMesiyas ubeyikhasimende labo elikhulu.

Okhulumela umndeni, uBrandon Chikukwa, ukuqinisekisile ukuthi abantu emngcwabeni bebethokoziswa ngocansi.

"Njengomndeni asikukhuthazi okwenzekile kodwa bekungekho esingakwenza ngoba umufi ubengumuntu wabantu.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...