Abantu baseZimbabwe babambe 'umngcwabo' kaMugabe

2017-11-25 08:41

Harare - Kusaphele izinsuku ezintathu nje vo lowo owayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ehlile esikhundleni kepha ezinye zezakhamuzi sezihlela umngcwabo wakhe.

Sekuqubuke i-video etshengisa abantu baseZimbabwe bebambe "umngcwabo" walo mholi, 93. Kule video kubonakala isixuku sabantu sicula amaculo omngcwabo sizungeza ibhokisi elinesithombe sikaMugabe.

Abazili bokuzenzisa bazwakala bekhihla esikaNandi ngesikhathi sekuyisikhathi sokubonwa kongasekho.

OLUNYE UDABA: Usegcotshwe njengomengameli waseZimbabwe uMnangagwa

Abanye babonakala bevayiza kuleli bhokisi, abanye bekhala bezibhuqa phansi ngesikhathi kuqhubeka lo mngcwabo mbumbulu.

Le video ithathwe emgqaweni ophithizelayo eZimbabwe.

U-Emmerson Mnangagwa ugcotshwe ngengoMengameli waseZimbabwe ngoLwesihlanu emcimbini obuhanjelwe yizinkumbi zabantu.

Buka i-video ngezansi:

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...