'Abagwinya amadayimane kwathiwa abawakhethe endleni yabo'

2017-03-17 18:03

Harare - Abantu abathathu abasebenza ngamadayimane empumalanga yeZimbabwe ababoshelwa izinsolo zokugwinya amadayimane, bayalelwa ukuba bawakhethe endleni yabo, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

Laba bobathathu abaqashwe yinkampani, iZimbabwe Consolidated Diamond, batshele inkantolo eMutare ukuthi, baphoqwa ukuthi badle amakinati baphuze nobisi kuphela isikhathi eside kuze kube wukuthi baphathwa yisifo sohudo, kubika iManica Post.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ukhethe ukudla indle aphuze umchamo kunokushaywa

La madoda aboshwa ngomhlaka-5 Mashi ekuseni ngemuva kokuba unogada ethe wawabona egwinya amadayimane ngesikhathi esebenza eChiadzwa.

Ummeli wabasolwa uChris Ndlovu uzwakale ethi: "Amaphoyiasa aphinde ebaphoqa ukuba bazikhululele emabhakedeni, bebabuka."

Bobathathu abasolwa badedelwa ngebheyili yemali elinganiselwa kwengu-R2 500 nakuba engatholakalanga amadayimane ayefuneka.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...