Zihleli lubhojozi izitabane eLiberia ngenxa ye-Ebola

2014-10-24 07:23

Dakar – Zihleli lubhojozi izitabane eLiberia kulandela ukuthi omunye wabafundisi baleli lizwe eshumeyele ngokuthi isifo se-Ebola yindlela uMdali ajezisa ngayo i-Afrika ngenxa yobutabane. 

Ngokombiko le ntshumayelo isidale ukuthi amanye amalungu omphakathi akuleli lizwe aqale ahlasele izitabane njengoba sekunezigameko zokushaywa nokulinyazwa kwempahla yezitabane.

Kubikwa ukuthi uLeroy Ponpon owaziwa kakhulu eLiberia ngokulwela amalungelo ezitabane uveze ukuthi usesaba nokuphumela emnyango kulandela le ntshumayelo yalo mfundisi. 

Uthe izitabane seziyahlukunyezwa, zishaywe kanti sekukhona nezinye ezilinyazelwe izimoto zazo.  

OLUNYE UDABA: Umengameli ufanise izitabane nezinambuzane

“Selokhu abefundisi beqale lezi zintshumayelo ukuhlukunyezwa kwezitabane eLiberia sekwenyukile kakhulu. Kanti sebefuna nomthetho ubuyise isigwebo sentambo kwizitabane,” kusho uPopnpon enanela ngokuthi izitabane eLiberia sezihleli ngokwesaba.

Isifo se-Ebola sesibulale abantu abacishe bafinyelele ku-5 000 emhlabeni kanti iningi labashonayo yilabo abaqhamuka emazweni asentshonalanga ye-Afrika  emazweni okubalwa yona iLiberia, iSierra Leone, Guinea  namanye.

Kubikwa ukuthi ngoMeyi u-Archbishop Lewis Zeigler webandla lamaKhatholika laseLiberia wathi:

“Enye eyezinto ezinkulu uNkulunkulu aphikisana nayo kakhulu futhi angasijezisela yona eLiberia yileyo yempilo yobutabane,” kusho lo mfundisi.

Kanti kusukela lapho nabanye abafundisi sebengenelile bananela le ntshumayelo.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...