Zihlangene ezikaMugabe engqungqutheleni

2012-12-07 14:41

Harare - Izethenjwa zikaMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe sezihlangene emhlanganweni weqembu omkhulukazi, obanjelwe esifundazweni iGweru.

Inhloso enkulu yomhlangano ukudwetswa kohlelo oluzolandelwa ukuqeda uhulumeni wokubambisana, odonse iminyaka emine.

UMugabe ukhulume ngoLwesihlanu wathi ingqungquthela yeqembu izolungiselela ukunqoba ukhetho oluzobanjwa ngonyaka ozayo, ngenyanga kaMashi.

"Asinakungabaza ngokuwina," kukhuluma uMugabe.

Ukhetho olwabanjwa ngo-2008, lwaba nomphumela wodlame phakathi kwamalungu eqembu elibusayo neqembu eliphikisayp eliholwa nguNdunankuku uMorgan Tsvangirai.

Udlame lwaholela ekutheni kusungulwe uhulumeni wokubambisana phakathi kwamaqembu womabili.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...