Weluleme umfundi obene-Ebola

2014-09-10 13:31

Dakar - Weluleme umfundi waseGuinea okwatholakala ukuthi unegciwane le-Ebola eSenegal, kusho uMnynago wezeMpilo ngoLwesithathu.

Ngemuva kokutholakala kwalo mfundi ukuthi une-Ebola, izwe laseSenegal libengelesihlanu ukuba nomuntu osengenwe yilolu bhubhane.

"Sesimhlole kabili. Akasenalo igciwane. Uselaphekile,” kusho uPape Amadou Diack, ongumqondisi wezempilo.

"Akekho umuntu waseSenegal okubikwe ukuthi une-Ebola, lona bekungumfundi ofike nalo leli gcinwa ephuma kwelinye izwe, samnakekela. Sibonga uNkulunkulu ngokuthi uselaphekile,” usho kanje.

Funda olunye udaba: Ngeke bawungenele owomhlaba abadabukwa kwane-Ebola.

UNgqongqoshe wezeMpilo u-Awa Marie Coll Seck uthe abantu abangu-67 okungenzeka ukuba bake basondelana nalo mfundi, basahlolwa eDakar kodwa azikho izimpawu ezikhomba ukuthi banalo igciwane.

Leli gciwane, elaqubuka eGuinea ngasekuqaleni konyaka ngaphambi kokuba lisabalalele eLiberia, eSierra Leone naseNigeria, selibulale abantu abangu-2,296 kwabangu-4,293 okubikwe ukuthi libangenile.  




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...