Votani ngobuhlakani - Mugabe

2012-10-19 16:26

Cape Town - Abantu baseZimbabwe babhekane nohulumeni ongaqondile ngokuyikho iminyaka emine egcwele, kusho uMengameli wezwe uRobert Mugabe ngesikhathi enxenxa abantu ukuthi bavote ngobuhlakani uma sekuyiwa okhethweni ngoMashi ngonyaka ozayo.

Iphephandaba iHerald online libike lathi lo mholi oneminyaka engu-88 ubudala, ukhulume nezindimbane zabantu baseHwange, ezama ukugcizelela ukuthi bangavumeli kube nohulumeni obusa ngokuhlanganyela ngemuva kokhetho.

Ngemuva kokhetho lwango-2008, kwabheduka udlame eZimbabwe, kwaze kwaphoqeka ukuthi izwe libuswe ngokubambisana phakathi kweqembu likaMugabe nelikaNdunankulu uMorgan Tsvangarai, iMovement for Democratic Change.

UMugabe uthi uqhekeko olukhona phakathi kwawo womabili amaqembu, selufike lakhona kungeke kusasebenzeka kubhekwe izinto ezizokhulisa izwe.

"Siwubonile umnotho wakwaBulawayo wehla. Sibonile nemboni yezolimo nayo ifadalala, uNgqongqoshe wezeziMali uTendai Biti, naye angafakaza, ayikho imali," kusho uMugabe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izingane ezintathu kwababuyiswa eNigeria

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...