Uzokhele ngomlilo washona obexabene nomkakhe

2015-10-08 13:32

Nairobi – Izakhamuzi zaseGilgil, eKenya, zisale zibambe ongezansi ngemuva kokuthi owesilisa oxabane nonkosikazi wakhe enqume ukuzokhela ngomlilo washona.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ngoLwesibili ebusuku, kushe eminye imizi eyishumi ethungeleke ngomlilo.

Izakhamuzi zizamile ukubhula umlilo kepha kwazinhlanga zimuka nomoya.

Ngokusho kokhulumela amaphoyiska aseGilgil, uSera Koki, uthe le ndoda izishise emzini wayo, yangakwazi ukumela umlilo yase ibalekela komakhelwane icela usizo, umlilo wabhebhetheka kanjalo.

OLUNYE UDABA: Ushonile uthisha ozokhele ngomlilo ngemuva kwesikole

UKoki uthe le ndoda ikhethe ukuzibulala ngemuva kokungaboni ngasolinye nomkayo.

“Omakhelwane basitshele ukuthi lezi zithandani bezilokhu zinezinkinga kula masonto amabili edlule. Unkosikazi ube esebaleka, umyeni waphathwa ukhwantalala wase ekhetha ukuzingqongqisa ngomlilo,” kusho uKoki.

UKoki uthe bayaphenya ngalesi sigameko.

- MyNews24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...