Uzogwetshwa maduze uLubanga
2012-06-29 16:35
Hague - Isishoshovu saseCongo uThomas Lubanga, uzogwetshwa maduzane mayelana namacala ahlanganisa ukuhlukumeza izingane ekade zenziwa amasosha, kusho iNkantolo i-International Criminal Court.
ULubanga, 51, uzogwetshwa mhlaka-10 Julayi, kuthiwa wasebenzisa izingane ezenza amasosha phakathi kuka- 2002 no2003.
Inkantolo ithole ukuthi uLubanga wabe esebenzisa izingane ezisukela eminyakeni engu-11 ubudala, ezabafana zabe zenziwa amasosha ukuthi ezamantombazane zibe yizigqila zocansi.
Umshushisi uLuis
Moreno-Ocampo ucele inkantolo ukuthi inganiki umsolwa iminyaka engaphansi kwengu-30.
Kuthiwa abantu abangaphezu kuka-60 000, bashona odlameni uLubanga aba nesandla kulo kusukela ngonyaka ka-1999.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).