Uzofungiswa njengomengameli u-Ouattara
2011-05-20 11:58
Yamoussoukro - Kulindeleke ukuthi afungiswe njengoMengameli wase-Ivory Coast u-Alassane Ouattara ngoMgqibelo, nothemba ukubumba leliya lizwe emuva kwesiphithiphithi esike saba khona ngesikhathi lowo obengumengameli, uLaurent Gbagbo, engafuni ukwehla emandleni.
Lo mcimbi uzoba ngezithuba zawo-10:30 ekuseni, enhlokodolobha yezombusazwe iYamoussoukro, nokuyisigodi lapho kuzalelwa khona uFelix Houphouet-Boigny, nowashona ngonyaka ka-1993 emuva kokubusa leliya lizwe iminyaka engu-33.
U-Ouattara wayenguNdunankulu wakhe kusukela ngo-1990 kuya ku-1993.
Ngokwekomiti elihlelayo, kulindeleke abaholi bamazwe abangu-23 ukuthi bathamele lo mcimbi ozoba seYamoussoukro, beholwa uMengameli waseFrance, uNicolas Sarkozy.
- Sapa - AFP