Uzehlisele umholo uMengameli uBanda

2012-10-03 16:33

Lilongwe – Umengameli waseMalawi uJoyce Banda umemezele ukuthi uzonciphisa umholo wakhe ngamaphesenti angu-30, enza lokhu njengenye yemizamo yokuzibophezela kukahulumeni ukwenza ngcono isimo sezwe.

UBanda ungumengameli wesibili wesifazane e-Africa, elandela uMengameli waseLiberia, u-Ellen Johnson Sirleaf.

UBanda wangena esikhundleni sakhe ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMengameli uBingu wa Mutharika, owakhothama ngenyanga ka-Ephreli.

UBanda ekanye nephini lakhe uKhumbo Kachali, bazonqamula imiholo yabo ngo-30%, bathe angeke baphoqe amalungu eKhabhinethi ukuthi enze njengabo.

Uphinde waveza ukuthi azodayiswa amabhanoyi amabili athengwa nguhulumeni kaMutharika, eminyakeni emithathu eyedlule.

Ukuthengwa kwamabhonoyi kwahlonzwa njengokumoshwa kwemali futhi kwathukuthelisa nabaxhasi bezwe.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. Cloudy. Cool. Pta: 8-13°C Rain showers. Morning clouds. Cool.
Jhb: 5-9°C Rain showers. Morning clouds. Cool. Bloem: 0-11°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Dbn: 12-19°C Showery. Mostly cloudy. Cool. PE: 11-17°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...