Uzame ukuzincengela uCharles Taylor

2012-05-16 14:09
Yabelani Shicilela

Netherlands- UMengameli waseLiberia owalahlwa ngamacala okuphehla impi nokubulala abantu uCharles Taylor, ukhulume namajaji wathi uyazisola ngokwenzeka wathi uyazwelana nezisulu zodlame lwaseSierra Leone, abayingxenye yokuphehlwa kwalo.

Yize noma ekhulume kanjena uTaylor kuthiwa wehlulekile ukukhombisa amajaji ukuthi uqinisile ngakushoyo.

Ngenyanga ka-Ephreli uTaylor watholakala enamacala okudala udlame nokuhlukumeza ilungelo labantu. Amacala akhe ahlanganisa awokufa kwabantu, ukudlwengula kanjalo nokuphoqa izingane ezincane ukuthi zibe ngamasosha.

Udllame lolu lwadonsa iminyaka eyishumi.

UTaylor ungumengameli wokuqala ukuthi atholakale namacala eNkantolo yamaCala kaZwelonke.

"Engakwenza ngangithi ngikwenzela izwe, ngangiqinisekile ukuthi uma kungekho ukuthula eSierra Leone, iLiberia yayingeke iqhubekele phambili."


"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulwe abaseNigeria nabaseCameroon

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...