Uxwayise izinduna uTsvangirai
2012-10-29 14:02
Cape Town - UNdunakulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai usexwayise abaholi bendabuko ekukholakala ukuthi beseka iqembu elibusayo iZanu-PF, wathi uzobhekana nabo ngqo, uma nje iqembu lakhe like lanqoba ukhetho.
Kulindeleke ukuthi izwe liye okhethweni ngenyanga kaMashi ngonyaka ozayo.
Ngokwemibiko yephephandaba iHerald online, uTsvangirai ukhulume kanjena ngesikhathi ekhuluma namalungu eqembu lakhe iMovement for Democratic Change, esikhumbuzweni samalungu ashona odlameni oluhlobone nezombusazwe ngonyaka ka-2008.
"Kunina zinduna, ngifuna ukukubeka kucace ukuthi uMthethosisekelo awunivumeli ukuthi nizibandakanye nezombusazwe. Uma nje kukhona induna ethi yona iyiZanu-PF, ngiyayixwayisa ngoba ngemuva kokhetho kuzobe sekuphethe i-MDC," kusho uTsvangirai.
UTsvangiraia akashongo ukuthi bazojeziswa kanjani abazotholakala ukuthi beseka iZanu-PF, umengameli wesigungu sabaholi bendabuko eZimbabwe uFortune Charumbira, akatholakalanga ukuthi aphawule ngalolu daba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24