Uthole isibhaxu wabanjwa inkunzi ovale 'esomubi'

2015-06-29 13:37

Harare – UMiss Zimbabwe uthole isibhaxu wabanjwa inkunzi ngemuva kwamahora ambalwa eklonyeliswe ngalesi sicoco, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweMyZimbabwe u-Annie-Grace Mutambu ubanjwe inkunzi ngoLwesihlanu ebusuku waphucwa umakhalekhukhwini ne-laptop.

Kubikwa ukuthi izigebengu ezintathu ebezihamba ngemoto yohlobo lweVW Golf ebomvu zihlangabezane noMutambu oneminyaka engu-19 ubudala obehamba nodadewabo besuka kamzala wabo eCraneborne eHarare ngabo 8 kusihlwa.

OLUNYE UDABA: Ibhantshi ligcwale umoya kwabakwaGupta eLesotho

Amaphoyisa athe ayaqhubeka nophenyo njengoba kuvele ukuthi ubeyolanda i-laptop yakhe kamzala abahlala endaweni efanayo. 

“Sebebuya ukuyolanda ilaptop bahlangane nemoto ebinabalisa abathathu abazame nokumthumba kodwa udadewabo wakwazi ukubambelela aqinise kuyena ukuze bagcine bemdedelile njengoba bebememeza ngesikhathi kwenzeka lo mhlola,” kuchaza unina u-Ellen Mutambu.

Okhululema iMiss Zimbabwe Trust uTendai Chirau uthe uMutambi uyalulama nakuba enezibazi zokulimala.  

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...