Uthi waphenduka uhlanya encishwa ucansi unkosikazi

2014-10-23 10:02

Bulawayo - Owesilisa wakwaBulawayo, eZimbabwe, uthi uyomkhohlwa esengene egodini unkosikazi wakhe weminyaka owanquma ukumncisha ucansi iminyaka emihlanu.

URoberto Moyo udalulele inkantolo ukuthi kukhona isikhathi la aze agula khona ngekhanda wangeniswa esibhedlela ngenxa “yokulanjiswa” ngunkosikazi wakhe ngezidlo zasekamalweni, kubika i-myzimbabwe.

UMoyo uthi into eyayibuhlungu kakhulu ukuthi unkosikazi wakhe, uLeandy Moyo, wayemncisha ucansi ekubeni ephoqelela ukuthi balale embhedeni owodwa, ngengubo eyodwa.

OLUNYE UDABA: Ucela usizo ohlale ehalela ucansi

Uthi odokotela bamyalela ukuthi ahlukanise nonkosikazi wakhe ngoba uzogcina embulele.

UMoyo ubelandisa ngalolu daba eNkantolo yesiFunda yakwaBulawayo lapho efake khona isivimbezelo sokuthi unkosikazi wakhe angasondeli kuye ngoba umephula umoya futhi uyamhlukumeza ngokwenyama ngokungafuni ukumnikeza “isithelo”.

Kuthiwa unkosikazi uthi umjezisela izono zakhe zakudala.

Icala libe seliyachithwa kwathiwa abukho ubufakazi bokuthi ummangali wahlukunyezwa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...