Ushonile umfana oshaywe uthisha

2015-03-09 09:29

Cairo – Ushonile ngeSonto umfana waseCairo, eGibhithe, ngemuva kokushaywa kabuhlungu uthisha wakhe okumanje usemiswe emsebenzini.

UMnyango wezeMfundo eGibhithe uthi usuqalise uphenyo.

Ukushaywa kwabafundi ezikoleni zaseGibhithe kuyinto evamile, njengoba ngonyaka odlule kwagxekwa ubudedengu bothisha ngokushona kwabafundi ababili.

Umfundi oneminyaka engu-12 ubudala ushonile ngemuva kokushaywa uthisha, kusho uMnyango esitatimendeni.

Funda nalolu daba: UMengameli uquleke emcimbini, enomalaleveva.

Ingane ibilimele kabi ekhanda yophela ngaphakathi, igazi lathinta ubuchopho bayo, kusho isikhulu soMnyango wabaseshi uHisham Abdel Hamid.

Phakathi kukaJanuwari no-Okthoba 2014, izehlakalo zokuhlaselwa kwezingane zenyuke ngo-55% uma kuqhathaniswa neminyaka emithathu eyedlule.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...