'Ushaywe wabulawa ontshontshe isobho'

2015-08-24 16:02

Lagos – Iqulu labantu ligwaze lashisa owesilisa ephila ngemuva kokuntshontsha ibhodwe ebelinesobho enyakatho yezwe laseNigeria, kubika abezindaba ngoMsombuluko.

Isidumbu sesisulu esingakahlonzwa sishiywe ngaphandle kwesikole ngeSonto, kubika iphephandaba iThisDay.

Funda nalolu daba: Izigebengu zibambe inkunzi esontweni

Iphephandaba lithe umufi ubengomunye wabalisa abathathu abezwe iphunga lesobho base belilandela baze bayondena ekhishini lomuzi othile.

Owesifazane obepheka umemeze kakhulu kwaphuma omakhelwane bajaha abasolwa ngesikhathi bezama ukubaleka.

Iqulu labantu libambe umsolwa oyedwa obephethe ibhodwe lesobho, labe selimshaya.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AFP

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...