Ushaye umukhwe ngesitini obefuna umkakhe ngodli

2015-07-14 17:45

Bulawayo - Owesilisa, 31, wakwaBulawayo, eZimbabwe, onqatshelwe ukuba abone unkosikazi wakhe, uboshiwe ngemuva kokushaya umukhwe wakhe, 72, ngesitini.

UNdaba Khumalo kuthiwa waya ekhweni lakhe wafike wanxenxa ukubona unkosikazi wakhe kumukhwe uStarich Phiri, kubuka iBulawayo24.

Kuthiwa unkosikazi wabaleka emzini wakhe ngenxa yokuhlupha kukaKhumalo.

OLUNYE UDABA: Kushone 2 owesilisa engqongqisa umkakhe

Ukunqaba kukaPhiri nendodakazi yakhe kumfake enkingeni njengoba umkhwenyana wakwakhe evele wavuka umbhejazane wacosha isitini wamjikijela ngaso.

UKhumalo uvele ngaphambi kweMantshi yakwaBulawayo uCharity Maphosa wase ebekwa icala lokushaya.

Ulivumile icala, nokho umukhwe wakhe walihoxisa wathi umkhwenyana usexolisile ngesenzo sakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...