Usenkingeni odelele umengameli kuWhatsApp

2015-10-05 10:01

Harare – Usobhishini owesilisa waseZimbabwe othumelele abanye abantu umbhalo olumelayo kuWhatsApp ngoMengameli wezwe uRobert Mugabe, njengoba esephonswe ejele.

UNduna Matshazi, oyikhansela leqembu eliphikisayo iMovement for Democratic Change, uthi kube yiphutha ukuthumelela umyalezo ongoMugabe, kusho umbiko wephephandaba iChronicle.

Esikhundleni sokuthumela lo mbhalo lapho kudingidwa khona ngezepolitiki, wenze iphutha wawuthumela kumakhansela aseBubi, eningizimu neZimbabwe.

OLUNYE UDABA: Udedeliwe obhale wathi uMugabe washona

Kuthiwa elinye ikhansela libe selimbika emaphoyiseni.

Ngokuqhuba kombiko weChronicle, kuthiwa lo mbhalo unguBaba wethu oseZulwini – onongiwe ‘ukuze ubeke kabi uMugabe’.

Umthetho waseZimbabwe uthi kuyicala ukwedelela umengameli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...