Usanqenqeleza phambili uBuhari ngamavoti eNigeria

2015-03-31 16:02

ABUJA – Usaqenqeleza phambili  ngamavoti  uMuhammadu Buhari njengoba kulindeleke imiphumela yokhetho eNigeria ngokusho kombiko.

Ukhetho lwaseNigeria lubhekwe ngabomvu njengoba ingelinye lamazwe ahamba phambili ngokukhiqiza umnotho ezwenikazi i-Afrika. 

UBuhari uyimbangi enkulu kaGoodluck Jonathan onguMengameli waseNigeria ogaqele ihlandla lesibili kulolu khetho.

OLUNYE UDABA: IBoko Haram ibulale abangu-41 kuvotwa eNigeria

Ngokubika kweReuters ngoLwesibili ezifundeni ezingu-33 kwezingu-36 uBuhari oneminyaka engu-72 ubudala usethole amavoti angu-14 million.

UJonathan yena ulandela ngemuva ngamavoti angu-11 million kanti kule minyaka emihlanu eqhoqhobele lesi sikhundla iNigeria ihlangabezane nezigameko ezingezinhle okubalwa inkohlakalo kosopolitiki nokuhlaselwa kwaleli lizwe yiqembu iBoko Haram. Ukubalwa kwamavoti kusaqhubeka.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...