Ungeniswe esibhedlela uMubarak

2012-12-20 10:20

Cairo - Isikhulu sezokuphepha e-Egypt sesiveze ukuthi umengameli owakhishwa ngendluzula esikhundleni uHosni Mubarak ungeniswe esibhedlela sezombutho wezempi, kulandela ukuthi eshelele washayeka kabi ekhanda nasesifubeni ejele.

Sekube nemibiko eminingi eshayisanayo ngempilo yalo mholi, 84, nowagwetshwa udilikajele ngoJune ngokuhluleka ukugwema ukubulawa kwamakhulu abantu ngesikhathi kuvukelwa uMbuso ngonyaka ofile.

Ungumengameli wokuqala ngqa wezwe lama-Arab ukuba agwetshwe.

UGeneral Mohammed Ibrahim, noyiSekela likaNgqongqoshe wezangaPhakathi, uthe uMubarak uzobuyiselwa ejele ngemuva kokwelashwa.

UMubarak kuthiwa uwe egumbini lokugezela ngoMgqibelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...