Umuzi kaMugabe uzoba indawo yokuheha izivakashi

2012-10-18 14:03

Cape Town – ONgqongqoshe bemiNyango eZimbabwe sebephasise izinhlelo zokuthi kuguqulwe imizi emidala yezikhulu yenziwe izindawo zokuheha izivakashi, ngenhloso yokuheha abantu ukuthi bavakashele emalokishini.

Abahlaziyi bezombusazwe baligxekile leli gxathu bathi uhulumeni uphelelwe yizinhlelo anazo.

AbeNewzimbabwe.com babike bathi uNgqongqoshe woMnyango wezeziMali uTendai Biti, bekulindeleke ukuthi amemezele imali ezosetshenziswa ukuphumelelisa lonke lolu hlelo.

Imizi ekulindeleke ilungiswe ihlanganisa loyo kaMengameli wezwe uRobert Mugabe, oseHarare, kulungiswe naloyo wephini lakhe elingasekho uJoshua Nkomo kanye nowaloyo owabe ephethe iZanu-PF u-Hebert Chitepo nowomsunguli wayo u-Enos Nkala.  

Umbiko uthi lo mqondo ususelwe kuloyo waseNingizimu Afrika wokulungisa amalokishi enziwe izindawo zokuheha izivakashi, uNgqongqoshe wezokuVakasha uWalter Mzembi uthe uhlelo seluphasisiwe yiKhabhinethi.

Umhlaziyi wezombusazwe uPedzisayi Ruhanya ulugxekile lolu hlelo wathi lukhombisa ukwehluleka kukahulumeni.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...