Umlimi wakuleli ulinde isinqumo eZim

2012-12-18 10:10

Johannesburg - Umlimi wakuleli osekhulile nosebe ngumlimi cishe iminyaka engu-50 eZimbabwe ulindele isinqumo ngoLwesihlanu sokuthi ngabe uyaxoshwa na emhlabeni wakhe, kubika iphephandaba iBeeld ngoLwesibili.

UPiet Henning, nosebe ngumnikazi womhlaba oseChiredzi kusukela ngo-1965, uzovela enkantolo ngoLwesihlanu ngamacala okusebenzisa umhlaba kahulumeni.

Uthi lo "mhlaba kahulumeni" wasala ngesikhathi kushaqwa amasimu akhe omoba ngo-2003.

UHenning, nosebenzisana nendodana yakhe uGreig, wayenamapulazi amathathu ngaphambilini, kodwa amabili acekelwa phansi ngo-2009.

Uhulumeni kaMengameli Robert Mugabe usuzame iminyaka engu-12 ukukhipha abalimi abamhlophe abenza inzuzo kuleliya lizwe.

Sebengu-221 abasasele ebalimini abangu-5 000 ababekhona.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 16-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...