Umholi wamaKhatholika unxusa ubumbano kumaKhrestu

2015-02-16 18:17

Vatican City - UPope Francis uzwakalise ukudumala okukhulu ngokunqunywa amakhanda kwabaseGibhithe abangu-21 amangamaKhrestu eLibya, wagcizelela ubumbano kumaKhrestu.

UPhapha unxuse ukuba amaKhrestu abumbane noma ngabe ahlukene ngokwenzinkonzo zawo.

Funda nalolu daba: Bayengelwa enkolweni kasathane ngemali - Umbiko.

Ekhuluma namalungu eChurch of Scotland, uPhapha ukhulume ngokubulawa kwalaba okwenzeke ebhishi laseLibya okuqoshwe kwabe sekusakazwa kwi-website ngeSonto.

"Bebelokhu bemi emazwini athi: 'Jesus, help me!' babulelwe ukuthi nje bangamaKhrestu,” kusho uFrancis.

Lo mholi webandla lamaKhatholika elinabalandeli abangu-1.2 emhlabeni, uthe kusemthethweni ukunqanda abanesihluku.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...